UNandi Mngoma usenguNandi Madida

2016-08-10 14:31

Johannesburg - Umlingisi ophinde abengumculi uNandi Mngoma usengowakwaMadida ngokusemthethweni okuveza khona ukuthi yena noZakes Bantwini ogamalakhe lokuzalwa nguZakhele Madida bangabashadikazi.

UNandi noZakes asebejole iminyaka kwaqubuka amahlebezi omshado ngoJuni kulo nyaka ngesikhathi uNandi ebonakala efake indandatho emnwenni esandleni sesinxele.

OLUNYE UDABA: Owayelingisa kuMuvhango uqinisekise awokushada

Kwaphela izinsukwana kwavela amahlebezi okuthi uNandi uzithwele ngemuva kwemibiko yokubonakala nesisu esikhulu ngesikhathi ehambele umcimbi wama-BET Awards ekuqalebni kwalonyaka.

Yize kunjalo ngaleso sikhathi iSunday Times ikhuluma noNandi, wazichitha lezo zinsolo.

"Angazi ubani othe ngishadile kodwa ke kuzwakale kanjalo. Futhi sengikhuluphele kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule kodwa angikhulelwe,' usho njalo.

Kodwa kubukeka sengathi likhona iqiniso kulamahlebezi njengoba uNandi esesebenzisa isibongo sakwaZakes ngokusemthethweni.

Ngesonto eledlule uNandi wethulwe njengomunye womethuli bohlelo lomculo oludala lwalindwa iCoke Studio.

Kwaphuma isimemo esakhishwa yinhlangano, ithi umcimbi uzokwethulwa nguNandi Madida.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.