Uncengwa ngobhiya 'oshaywe' ngumqashi

2017-02-17 11:03

Durban - Uthenjiswe ukunikwa ikesi likabhiya uma esula icala owesilisa waseKokstad, eNingizimu yeKwaZulu-Natal, oshaywe ngumqashi wakhe waphuma izinyo ngoJulayi nyakenye ngoba emsola ngokuthi uphuze utshwala esemsebenzini, kubika iphephandaba ILANGA.

UZakhele Duma, 43, othi ushaywe ngumqashi wakhe wasesitolo sakwaBuild It, uRyan Fisher, emhlanganyela nabangani bakhe abangonogada besitolo, uthi usephila ngokwesatshiswa yilo mqashi ohlale efake isibhamu enqulwini ethi uzombulala, ambize ngayo yonke into.

Uthi nsuku zonke uma evuka eya emsebenzini uyathandaza ngoba usuke engazi ukuthi uzogoduka ntambama esenawo yini umsebenzi njengoba ehlale esatshiswa ngabaphathi abamfaka ingcindezi bethi akacishe icala ngoba uma engakwenzi lokho bazomxosha.

“Okubi nje ukuthi ukwaziwa kwami ukuthi ngiyaphuza lapha emsebenzini sekungijikele ngoba bavele bangincenge bethi mangicishe icala bangithembise ikesi likabhiya,” kusho uDuma.

OLUNYE UDABA: Kucishe kwaphuma isidumbu owesimame egwaza owesilisa

Uthi selokhu ashaywa ingalo yakhe ayisasebenzi kahle.

Kwaboshwa abasolwa abathathu ngaleli cala, uRyan Fisher,26,  ongumqashi, u-Alexander Iellamo,21 noTony Iellamo,41, abangonogada.

UFishe ethintw ayiphephandaba uthe ngeke akhulume ngalolu daba, maqede wasabisa ngokulimangalela.

“Yinto eyenzeka kudala lena futhi (uDuma) uyiphixiphixi elihubhuza amanga..,” kusho uFisher.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.