Uncishwe ukudla washona umfundi

2017-08-31 12:34

Durban - Isabisha inhliziyo yomzali wasoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, oshonelwe yindodakazi emagcekeni esikole mhlaka 11 Meyi nonyaka kodwa udaba lwashayelwa phansi – kusolwa inkemane.

UNkk Duduzile Nkomonde uthi akakutholi ukuphumula emoyeni ngokushona kwendodakazi yakhe enguSithandiwe Nkomonde,18, eMasibumbane High School oNdini ngoba incishwe ukudla.

Uthi besekuphele isonto ingakulokothi ukudla ngenxa yokuthi uthishanhloko ubeshaya phansi ngonyawo ethi kabayikhokhile imali ebifuneka ngaleso sikhathi.

Kulesi sikole abafundi bahlala ngaphakathi, baphekelwa khona. Uveze ukuthi uSithandiwe ushona nje, ubefunda u-grade 11 nonyaka.

Uthi kuqala unyaka ukhokhe u-R5 000 walandelisa ngo-R2 000, bese kushoda kancane awuhlanganise uR19 000 okhokhwayo esikoleni.

Utshele ILANGA ukuthi uthishanhloko uthe makakhokhe omunye u-R2 000 ukuze umfundi ezophakelwa.

“Ingane ingifonelile yangitshela ukuthi ibulawa yindlala. Ngixhumane nothishanhloko ngamchazela ukuthi isimo sisangimele kabi, ngicela iphakelwe ingane ngoba ngisahlanganisa amasenti. Akavumanga kwaze kwaphela isonto lonke ingane yami ingadli futhi besekugamenxe elesibili.

“Ngiyacela uMnyango wezeMfundo ungenzele ubulungiswa ngoba le nto iwuhlukumezile umoya wami. Isihluku esifana nalesi ngiyasiqala, yingakho ngifisa ukuba uMnyango ungikhulumele nothishanhloko ngesenzo sakhe. Lolu daba bengingathandi ukulukhuluma kwabezindaba kodwa sengihlulekile,” kusho uNkk Nkomonde.

Utshele iphephandaba ukuthi ngokusho kwabafundi abebefunda nengane yakhe, iphelelwe umoya yavele yawa ekilasini yathathwa yaphuthunyiswa kwelinye lamagumbi esikoleni kwasho ukuthi kakusekho okungenziwa.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa ikhansela laseMkhambathini

Uthi ingane yakhe ihanjiswe nasesibhedlela kodwa udokotela wathi ishonele esikoleni.

“Kakukho engingakwenzanga, ngibhalele uMqondisi ehhovisi lezemfundo ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iZululand, ngamfonela kodwa ngangamthola ngashiya umyalezo kumsizi wakhe. Ngabhala ne-e-mail kodwa kwathuleka,” kusho uNkk Nkomonde.  

UMnu Kwazi Mthethwa , okhulumela uMyango wezeMfundo eKZN uthi kuyihlazo ukuthi kungaze kuphume isidumbu ngenxa yokudla.

“Lolu daba belungakaze lufinyelele ehhovisi likaNgqongqoshe nakwelenhloko yoMnyango. Kangazi ukuthi izisebenzi zoMnyango ziluzibe kanjani udaba olubucayi kangaka. Kuyisimo esingajwayelekile okumele sisukunyelwe ngokukhulu ukushesha. UNgqongqoshe uyazwelana kakhulu nomndeni olahlekelwe,” kusho uMnu Mthethwa.

Uthe ngenxa yokuba bucayi kodaba, uzoluthatha aludlulisele ehhovisi lenhloko yoMnyango uDkt Enoch Nzama.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uCpt Nqobile Gwala, uthe imbangela yokushona komfundi kayaziwa okwamanje njegoba kusalindwe umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.