"Uncishwelani umuntu ilungelo lakhe ngoba sethule"

2016-07-04 19:02

Durban - Cha nami ngithi angisike elijikayo nje kwezinye zezinto ezenzekayo kuleli lakithi. Kujwayelekile ukuthi njengoba siphila ezweni lenkululeko ubone ezinye zezinto indlela ezenzeka ngayo bese kuba nemibuzo engaphenduleki.

Emindenini eminingi siyaye sibona kuphulwa amalungelo abantu ngendlela eyisimangaliso ngoba nje nakhu lowo oyilunga lawo umndeni esethule noma eseshonile bese bengahambisi ngendlela umufi ebekade ephila ngayo futhi eyithanda.

Lapha ngikhuluma ngomuntu wesifazane obekade egqoka ngendlela ayithandayo yena futhi eyizwa ngaphakathi sengisho ukugqoka ibhulukwe phela, umndeni uyaye ubonakale usutatazela uzihlupha ngokuthi ilunga ligqokiswe isiketi noma ingubo ekubeni umufi yena ubephila impilo yamabhulukwe futhi ngesinye isikhathi uthola ukuthi ubengenaso nhlobo kwasona lesosiketi noma ingubo kodwa umndeni uncamela ukuyothenga lempahla esitolo ngoba nje befuna ukuphula ilungelo lakhe bamgqokise into abengayithandi.

OLUNYE UDABA: Ingosi: Uxoshwe yini vele kini

Kunomunye umama engimthatha njengeqhawe langempela wakhona lapha KwaZulu natal ngoba wakumela ukuba wumzali,,lomama kwashona ingane yakhe yentombazane eyayizithandela amabhulukwe kodwa ithe mishona base beqala betatazela bekhuluma indaba yokuthi kumele kuyothengwa okuyingubo azohamba ekugqokile umufi kwazise wayengenayo nhlobo ingubo noma lodade kodwa umama owayehleli emakhandleleni wakhahlela ingubo ezwa lokhu kukhulu wase ekhuluma okuwumthetho wasekhaya njengoba sazi sonke ukuthi umuzi nomuzi unomthetho wawo yebo noma ikhona ethi ayifane nakweminye imizi kodwa khona lo obangowasekhaya futhi ongeke uphikiswe nayikholwa abesonta nalo umufi uma likhona.

Usethi lomama  usban bani kade egqoka amabhulukwe ingubo lesenikhuluma ngayo wayigcina emncane kabi ngakho uzohamba eligqokile ngoba ubelithanda,nebala akaphiswanga muntu umama kwazise nobaba wekhaya wayesengasekho sokwasala yena umama.ayi wafihlwa ngalo ibhulukwe kodwa akudlulanga suku ngoba kwathi nje ntambama ngelanga afihlwe ngalo wabuya udade  wabonakala ngasesangweni lalayikhaya emi khona ngoba kwakungabo 7 kusihlwa,ayi wayenza lento kwadlula izinsuku ezimbili wathi mebuya kwelesithathu waba nesibindi umama waqonda kuye wafike wambuza kuthi ubekwa yini Lana ngoba yena akasekho,wayilanda udade indaba ukuthi ubuyisiwe umndeni uyamxosha ngoba ufake ibhulukwe.wabe sehlatshelwa imbuzi wakhunyulwa ngayo.

Manjeke ngalendaba ngifisa bonke abazali bafane nalomama bangaliphuli ilungelo lezingane zabo ngoba sezithule ukuthula kwaphakade khona kuzokwenzeka okufanayo njengaye udade bese nabaphilayo bakwazi ukuzikhethela ukuthi bona bafisa kugqokiswa kanjani uma sebehambile.ngokomthetho umuntu okade egqgoka ibhulukwe esaphila kufanele ukuthi masehambile emhlabeni bese lisuswe ngesilwane  ngoba uma uthi uzolisusa ngokwenyama kufana nokuthi uyazidlalela nje ngoba usuke esaligqokile ngokomoya,abantu banalo ulwazi kodwa balisebenzisa nganxanye njengommese lokhu ngikushiso wukuthi bayazi ukuthi uma kushone umuntu ngengozi lowomuntu kufanele agezwe ngembuzi,awugcini nje ngokumgeza ngamanzi.

Kuyefana futhi nomuntu oshone efake izinyo legolide naye kumele lisuswe ngesilwane,konke lokhu esengikubalile ngenhla kuyefana kwenziwa ngendlela eyodwa.

Ngiyazike Bantu benkosi abanye bazoyifunda lendaba befake izibuko zezinkolo zabo bese uyalahleka ukuthi umbhali yena ubeqondeni futhi ubefake ziphi izibuko ngalenkathi eyibhala kanti uma uzofaka izibuko zenkolo yesintu noma zendlela yokuphila kwase-africa,nakanjani ngiyakuthembisa uzosithola isifundo kulendaba.

Ngiyabonga ma-Afrika

Kubhala uMoses Xolo

Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.