UNdunankulu uvikele abakwaGupta, uthi ayikho into ewukulawulwa koMbuso

2017-07-20 14:00

Cape Town – UNdunankulu waseNorth West, uSupra Mahumapelo, usephonsele inselelo abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavulele amacala obugebengu umndeni wakwaGupta bese beyayeka ukudidanisa inkohlakalo nokulawulwa koMbuso, wathi kuleli ayikho nje into okuthiwa ukulawulwa koMbuso (state capture).

UMahumapelo, nongezinye zezikhulu zikahulumeni ezisolwa ngokuthi sezake zahlangana nabakwaGupta – nabasolwa ngokulawulwa koMbuso – usecele ukuba kuthathwe izinyathelo ezisheshayo ngezinsolo ezithinta lo mndeni.

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta baqulisa uNgqongqoshe ‘ngokuvukela’ uZuma

Ekhuluma emhlanganweni wokubhunga ngezidingo zomphakathi ePotchefstroom ngoLwesithathu, uMahumapelo uthe: “Ngifuna usuku lapho (abakwaGupta) bezobekwa khona icala bese belahlwa yicala enkantolo yomthetho… okwamanje kuseyizinkundla zokuxhumana, amaphephandaba, izithangami zabezindaba, iLiliesleaf Farm kanye nokunye (kodwa) ayikho inkantolo yezomthetho esathole noma ubani enecala.”

Yize noma inqwaba yezikhungo isiziqhelelanisile namabhizinisi ayamaniswa nalo mndeni wakwaGupta, kodwa uMahumapelo uthe uhulumeni wakhe awukuzukwenza okufanayo.

“Mhlazane (abakwaGupta) betholakala benecala, lolo wusuku esizoqhelelanisa ngokuphelele uhulumeni waseNorth West kubona,” usho kanje.

Ube esexwayisa ngokuthi uma ngabe ingasingatshwa ngendlela, indaba yabakwaGupta ingagcina isinobuhlanga kanye nomkhankaso obhekiswe kwabomdabu waseNdiya. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.