UNdunankulu waseGauteng uhlongoza ukushintsha iKhabinethi

2017-02-14 08:01

Johannesburg - Ayaqina amahlebezi wokuthi uNdunankulu wesifundazwe saseGauteng uDavid Makhura uhlela ukushintsha ikhabinethi yakhe.

Kuthiwa lokhu kuyingxenye yomdlalo wezepolitiki kanti uhlele ukukhipha abangahambisani naye njengoba sekubhekwe okhethweni.

Iphephandaba i-The Citizen lithole ukuthi onguMphathi wesokuXhumana ku-ANC kulesi sifundazwe uKhusela Sangoni uyena ozothatha esikaNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko, amaSiko kanye nezokuNgcebeleka.

OLUNYE UDABA:I-ANCYL eKZN ifuna uZuma ashintshe iKhabhinethi ngokushesha

Akukaqondakali kahle ukuthi uFaith Mazibuko okunguyena uNgqongqoshe walo Mnyango uzofakwa kuphi uma ekhishwa.

“Abazwani kahle yingakho uNdunankulu efuna ukwenza izinguquko,” kusho umthombo waleli phephandaba ongafunanga igama lakhe lidalulwe.

Kuthiwa uMakhura uzokwenza lesi simemezelo ngoLwesine mayelana nezinhlelo zakhe ngekhabinethi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.