UNdunankulu waseMpumalanga uthembise ngokulwisana nokubulawa kwama-albino

2018-03-27 16:00

Johannesburg - UNdunankulu waseMpumalanga, uRefilwe Mtsweni, ufunge wagomela ngokufaka isandla ekulwisaneni nokubulawa kwabantu abangama-albino.

UMtsweni uthe izolo (ngoMsombuluko), njengengxenye yokusebenzisana nabantu abaphila nebala elimhlophe ubamemele kwisidlo sasebusuku ngesonto eledlule ngenhloso yokuzwa ukuthi bazizwa kanjani.

Lokhu kuza ngemuva kokuthunjwa kwezingane ezimbili esifundazweni. UGabisile Shabane, 13, noNkosikhona Ngwenya obenezinyanga ezingu-15 azalwa bathunjwa ngamadoda amathathu angaziwa esigcemeni saseHlalanikahle eMalahleni ngomhlaka-28 Januwari.

OLUNYE UDABA:Sezisaba ngisho ukuya esikoleni izingane ezingama-albino

Izidumbu zalezi zingane zatholwa zishumpuliwe futhi sezonakele eduzane nomgwaqo omkhulu u-N4. Isidumbu sikaShabane satholwa ethuneni elingashoni eCullinan kanti esikaNgwenya satholakala emhosheni ngaku-N4.

Emasontweni amabili adlule, kwambiwa ithuna likaXolani Mkhize, 28, ePienaar eduzane naseWhite River isidumbu sakhe satholakala sishumpulwe izanda nonyawo.

"Njengohulumeni waseMpumalanga asihambisani nokubulawa kwabantu abaphila nebala elimhlophe ngale ndlela. Siyathembisa ukuthi sosebenza kanzima nayo yonke iminyango kubalwa amaphoyisa nabalaphi bendabuko ukuqeda ngalesi sihlava," kusho uMtsweni.

Amaphoyisa abengakabophi muntu mayelana nokumbiwa kwethuna likaMkhize.

Kwaboshwa amadoda amahlanu ngokubandakanyeka ekubulaweni kukaShabane noNgwenya. Enye yala madoda, amaphoyisa angalidalulanga igama layo, ishone ngesonto eledlule esitokisini.

Amadoda amane asele avele namuhla eNkantolo yeMantshi yaseWitbank ngamacala amabili okuthumba namabili okubulala.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.