Ungabathola kulezi zindawo abalingisi beBold bazotheleka kuleli...

2017-10-11 13:59

Cape Town - Sekuvele izindaba ezithi abalingisi abathathu bomdlalo owuchungechunge ongaconsi phansi kwabaningi iBold & the Beautiful bazotheleka eNingizimu Afrika.

Kulabo abazovakasha kuleli kubalwa uJacob Young odlala indawo kaRick Forrester; uHeather Tom olingisa ekaKatie Logan kanye noKarla Mosley ongu-Avant Forrester, owazishintsha ubulili futhi ohamba phambili kwabamodelela iForrester Creations aphinde abe ngunkosikazi ka‘Rick Forrester’.

Labo saziwayo bazohambela izindawo ezingamagugu eNingizimu Afrika okubalwa iTable Mountain kanye nezindawo eziningi eSoweto.

OLUNYE UDABA: Abe-Bold bazovakashela iNingizimu Afrika

Laba bazophinde bahlangane nabalandeli babo emaMall okubalwa kuwo iMall of Africa kanye neMaponya Mall, eSoweto. 

Emcimbini wangasese ohlelwe yilezi zihlabani uzobandakanya umculo, ukuhlangana nabanye osaziwayo baseNingizimu Afrika baphinde bahlangane nalabo abawine emncintiswaneni walo mdlalo, ngalobo busuku.

Ngenyengxenye yalolu hambo yokugubha iminyaka engu-30 yeBold & Beautiful, u-SABC3 okokuqala ngqa uzodlala iziqephu zesonto lonke zeBold & the Beautiful ngomhlaka-14 Okthoba kusukela ngo-09:30 kuya ku-12:00.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.