Ungajahi ukufika kuvuthondaba owakwakho engakaneliseki ngendlela

2017-01-25 18:04

Ekurhuleni -  UJoseph Mhelembe, 45, uzishaya isifuba ngemisebenzi yakhe enkonzweni yasekamelweni, kubika iDailysun.

UJoseph uthi unamaphuzu ambalwa afuna ukuwadlulisa kumanye amadoda ngezindlela zokwenelisa izithandwa zawo.

"Amadoda kumele afunde ukubafudumeza kahle abantu besimame ngaphambi kokungena kwidili likaMkhipheni," kusho uJoseph.

Lo mlisa uthi akumele abantu besimame baphathiswe okwamabhayisikili lona ovele ulilaxaze noma ikanjani uma usufikile lapho ophokophele khona.

OLUNYE UDABA:Uvuthondaba luyimvela kancane kwabangezona izitabane

UJoseph uthi unekhasi enkundleni u-Facebook lapho asesize khona amadoda amaningi ngezindlela zokujabulisa omama emakhaya.

Amasu kaJoseph okujabulisa owakwakho ekamelweni:

Bamba kamnandi isithandwa sakho kusukela phezulu emabeleni, umuwotawote kamnandi.

Ukuze unqande ukuchama masisha, akumele ucabange ngocansi kodwa ucabange ngento ekukhathazayo.

Amadoda anezimoto kumele azijwayeze nokuhamba ngezinyawo kakhulu ukuze kuzoluleka amamasela. Ukuhlala kakhulu emotweni kuyazilimaza nezinto.

Amadoda kumele ayeke ukuzicabangela wona wodwa uma kwenziwa inkonzo kodwa acabangele nezidingo zowesimame.

Okunye okubalulekile wukuthi kumele bayeke ukuthatha izinsiza zomvusankunzi kodwa bazijwayeze ukuzivocavoca.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.