Ungakhaleli muntu uma ibhanoyi seliphahlazeka nawe!

2016-07-12 20:32

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Ufikile uKipi wadlula, wafika no-MMM idumela lawo laya liya ngokushabalala, manje sekudume amabhanoyi adlalwa enkundleni yezokuxhumana uWhatsApp.

Sesibe siningi kakhulu isibalo sabantu abathi bayakubonga ukufika kwamabhanoyi ngoba eze nenkoluleko yezomnotho.

Nokho-ke bathi lezi zinhlelo aziwona amabhanoyi, kepha yizitokfela lapho umphakathi usizana khona ngemali.

Abanye bayayikhanda impela imali ngalezi zitokfela angifuni ukuqamba amanga. Sebebaningi abathi bona sebakhe ngisho imizi ngemali abayitholayo.

USbongiseni Shangase wake wabhala ukuthi u-MMM uzovalelwa ukunothisa abantu, angazi-ke lokho kuyiqiniso kangakanani, kepha ukushabalala kuka-MMM sekuvuse izitokfela zikaWhatsApp.

 “Ongqondongqondo” balezi zitokfela bathi kuhle uzibambe zisaqala, ngoba uma ufike kamuva kufana nokuthi ulahla imali yakho emfuleni.

OLUNYE UDABA: 'I-MMM izovalelwa ukunothisa iningi'

Anginamona ngalezi zitokfela ngoba iningi labantu abazidlalayo bathi kumnandi ukuthola imali efika kalula, kepha asingakhalelwa uma ibhanoyi seliphahlaka.

Vele i-pyramid scheme ihamba ihambe ingasakwazi ukusebenzela wonke umuntu, abantu abadlayo kube yilabo abagibele ibhanoyi lisasuka.

Laba abangena bengazi nokuthi laqala nini, yibo ababa senkingeni ngoba basuke sebefakelwa ukuzophesha izimali ezingahlangani – ngemuva kwalokho kukhale ubuphahlaphahla.

La mabhanoyi adinga abantu aba”kelemile” ngoba nobani angazivulela la mabhanoyi, okwakho ukuthi ungadlali nabantu ongabazi, futhi uqinisekise ukuthi uma udlala awudlali ngemali yakho yokugcina.

Okwamanje ake silinde u-MMM abuyise izimali zabantu ngoNovemba!

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.