Ungalindela ukubona uNdlozi noma uShivhambu njengeMeya – Umbiko

2016-08-11 10:01

Pretoria - Kubonakala sengathi i-DA kumele yenze esinzima ngokuthi ifuna ukuphatha kwidolobhakazi lakuleli noma kwidolobha eliphethe wonke umnotho wakuleli.

Njengoba ziqhubeka izingxoxo zokuhola ngokubambisana, iDemocratic Alliance kanye ne-Economic Freedom Fighters bebevalelene emhlanganweni othathe usuku lonke kudingidwa imigomo nemibandela yokubambisana.

OLUNYE UDABA:UZuma akasona isitha sethu - Malema

Iphephandaba iCitizen lilunywe indlebe ngokuthi kungahle kufinyelelwe kwisivumelwano lingakapheli leli sonto.

Umholi ophambili we-DA eGauteng uthe le nhlangano ingamdedela oyedwa walaba abaqokelwe isikhundla sobuMeya kwinhlangano yabo ngesivumelwano sokubambisana ne-EFF.

I-DA iphakamise uHerman Mashaba kwesobuMeya waseGoli kanti i-EFF ibheke ukufaka usomlomo wayo uMbuyiseni Ndlozi,31 kwesobuMeya waseTshwane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.