Ungeniswe esibhedlela olinde intombi izinsuku ezingu-10 yangafika

2016-08-05 17:13

Changsha – Owesilisa waseNetherlands uchithe izinsuku eziyishumi esikhumulweni sezindiza eChina elinde owesifazane ahlangane naye ku-internet.

Lo mlisa ugcine engeniswe esibhedlela ngenxa yokuthi ubesehlale isikhathi eside kakhulu elindile, kubika abezindaba kuleliya lizwe.

U-Alexander Pieter Cirk, 41, utheleke esikhumulweni sezindiza saseChangsha ngenyanga edlule enethemba lokuthi uzohlangana nowesifazane oneminyaka engu-26 ubudala, uZhang.

Funda nalolu daba: Zimkhalele obanjwe ne-video yowesifazane ezitika ngocansi

Ngemuva kwezinsuku ezingu-8 efikile, utshele isiteshi sikamabonakude, iHunan ETV ukuthi wayehlangane nale ntombazane ku-internet ezinyangeni ezimbili ezedlule futhi ngeke ahambe engayibonanga intombi yakhe.

Kodwa uZhang utshele i-Hunan ETV ngocingo ukuthi ubengalindele ukuthi uCirk uzofika eChangsha futhi ke yena njengamanje ngeke akwazi ukumbona ngenxa yokuthi ubesanda kulungisa isikhumba sakhe.

Lo mlisa uzewaphindela kwelakubo engambonanga lona wesifazane.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.