Ungeniswe esibhedlela owokhelwe ngomlilo esolwa 'ngokweba izidakamizwa'

2018-01-10 14:00

Cape Town -  Kwembulwa kwembeswa kumama wezingane ezine okusolwa ukuthi ubhunyelwe ngophethiloli wokhelwa ngomlilo yindoda edayisa izidakamizwa.

UMishkaah Fakier, 44, waseHout Bay, eKapa, ubenenhlanhla wakwazi ukubalekela umhlaseli wakhe obemsola ngokumebela izidakamizwa emzini wakhe.

Le ndoda kubikwa ukuthi isizinikele emaphoyiseni kulandela lesi senzo.

Isihlobo sesisulu uDiana Davids, 46, sithe sikhulume nomuntu obekhona ngesikhathi kuhlaselwa uFakier.

"Intombazane ebikhona, ithe uFakier uqale washaywa ngaphambi kokokhelwa ngomlilo ngezithuba zabo-05:00 ngoLwesibili ekuseni," kusho uDavids.

OLUNYE UDABA:Zimkhalele obedayisa izidakamizwa esibhedlela

"Umsolwa uqale wamshaya wabe esemyalela ukuba esule igazi lakhe, ngaleso sikhathi umuntu obethunywe uphethiloli ubesebuyile."

Umngani, u-Alicia Abrahams, uthi uvuswe wumuntu obengqongqoza ngezithuba zabo-05:00. Uthe evula wabona uFakier eshile ekhala ngosizo.

"Ubuso bakhe bebumnyama kanti impahla abeyigqokile ibivithikile. Ungene endlini ngabe sengimboza ngengubo yokulala emanzi ngaphambi kokuba kufike abezimo eziphuthumayo.

"Ungitshele igama le ndoda emenzakalisile."

UFakier ungeniswe esibhedlela iVictoria ngoLwesibili.

Indodakazi yesisulu ecele ukuba ligodlwe igama layo, ivumile ukuthi unina udla izidakamizwa.

Okhulumela amaphoyisa uSinathi Joni uqinisekise isigameko, wathi: "Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa aseHout Bay ngemuva kokushiswa kowesifazane, 44, eHangberg ngezithuba zabo-05:00."

"Indoda eneminyaka ebalelwa kweko-40 ubudala izinikele emaphoyiseni ngokubandakanyeka esigamekweni kanti ilindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseWynberg uma isithweswe icala."

 - Daily Voice

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.