Ungeniswe esibhedlela umfundi ngemuva kokusha kwendawo ehlala abafundi

2016-07-26 12:34

Cape Town – Umfundi s ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuba etholakale engaphefumuli kulandela ukusha kwendawo ehlala ebafundi e-UCT ngoLwesibili ekuseni.

Okhulumela abezicimamlilo eKapa uTheo Layne uthi ithimba labo liphuthume endaweni yesigameko eLeo Marquard Hall kuBaxter Road, eRondebosch ngezithuba zabo-02:50 ekuseni.

Abafundi bakhishwe ezindlini bengakafiki abezicimamlilo.

"Umlilo ushise isitezi seshumi lapho kuhlala khona abafundi. Ngesikhathi kucishwa umlilo, kube sekuthungakwa esitezi seshumi nanye ngemuva kombiko othi kunomfundi ongabonakali, kusho uLayne.

Funda nalolu daba: Ushonile obewela kuthelawayeka lilibi izulu

Ngokusho kukaLayne, lo mfundi wesilisa ubelele ngesikhathi kuqubuka umlilo kanti utholakale engaphefumuli ngenxa yokuhilwa yintuthu.

Uthole ukwelashwa endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuba aphuthunyiswe eCape Town Medi-Clinic.

Kusolakala ukuthi umlilo uqalwe yi-heater.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.