UNgoma uzimisele ngokuzakhela umlando kwiDowns

2018-01-24 14:04

Cape Town - Umdlali omusha osanda kusayiniswa u-Aubrey Ngoma unesifiso sokuzakhela owakhe umlando kwiMamelodi Sundowns wathi futhi akazile ukuzovala isikhala sikaKeagan Dolly.

UDolly washiya kule kilabhu ngonyaka owedlule wajoyina ikilabhu yaeFrance iMontpellier kanti yize iSundowns inabanye abahlaseli abadlala ngonyawo lwesinxele abanjengoPercy Tau noKhama Billiat, uNgoma nguye othishwa njengozovala isikhala sikaDolly.

"Ngingumdlali ohluke kakhulu kunoKeagan," kusho lo mdlali owake wagijima kwiCape Town City, iBlack Aces, i-Orlando Pirates namaTuks etshela iCitizen.

OLUNYE UDABA: ISundowns iqinisekise awokuthenga uNgoma

"Angizile lapha ukuzovala izikhala zabantu. Ngize lapha ngenhloso yokuzozakhela umlando wami nale kilabhu. Angiyinakile eyokungena ezicathulweni zabathile ngoba iDowns isidlale imidlalo eminingi ngaphandle kukaDolly futhi iyayinqoba imidlalo.

"Angicabangi ukuthi kukhona umdlali okwamanje engingacabanga ukuthi ngizovala isikhala sakhe ngoba nami ngiza nokwami okuhlukile ngethemba lokuzozakhela umlando."

IDowns kulindeleke ukuba ibhekane neKaizer Chiefs ngoMgqibelo ebusuku kowe-Absa Premiership ozobanjelwa eLucas Moripe Stadium.

Umdlalo uzoqala ngo-20:15.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.