Ungqongqoshe ubize amanesi “ngosathane abagqoke ezimhlophe”

2016-05-16 16:02

Pretoria – UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi uhlikihle usawoti esilondeni ngesikhathi ephawula wabiza amanesi asezibhedlela zikahulumeni “ngosathane abamgqoke ezimhlophe”.

Ungqongqoshe kuthiwa ubekhuluma emcimbini i-International Nurses Day ngoLwesine olwedlule eSeshego, eLimpopo, kubika iPretoria News.

UMotsoaledi kuthiwa usole izikhungo zezempilo zikahulumeni ngokungazinakekeli iziguli ngendlela efanele.

Wathi lokhu yikho okunyusa izigameko zokuhlaselwa kwamanesi, ehlaselwa yiziguli.

OLUNYE UDABA: Isiguli sisolwa ngokubulala unesi obezama ukusijova

Waqhuba ngokuthi iziguli zidinga imfudumalo, izandla ezinothando, amanesi amoyizelayo nothando uma zivakashele emitholampilo nasezibhedlela.

UMotsoaledi uqhube ngokuthi ibalulekile inhlonipho, wathi amanesi kumele alungise indlela aziphatha ngayo, kungenjalo azobhekana nolaka lweHealth Ombudsman.

“Siyakugxeka kakhulu ukukhuluma kukangqongqoshe,” kusho oweDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) uSibongiseni Delihlazo.

Okhulumela iYoung Nurses Indaba, uLebogang Phehla, uthi onesi kumanje basebenza benovalo lokubanjwa inkunzi, ukudlwengulwa nokubulawa.

Uthe amazwi kaMotsoaledi azokwenza iziguli ukuthi zivukele amanesi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.