UNgqongqoshe uhlangane nemindeni yabavaleleka emayini

2017-02-14 14:00

Pretoria – UNgqongqoshe wezeziMbiwa Phansi, uMosebenzi Zwane, uhlangane nemindeni yabavukuzi abathathu abavaleleka emayini iLily Mine kanjalo nabanye abasebenzi kanye nabaphathi bemayini.

“Inhloso yalo mhlangano bekuwukuthola umbiko ovela kubaphathi bemayini mayelana negxathu eselithathiwe ukutholeni imali ezovumela imayini ukuba inxephezele imindeni kanye nabasebenzi basemayini abathintekayo,” kusho uMnyango esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zithi abavaleleke emayini bagcinwe yinyoka

Le nkampani iphinde yaveza nokuthi imayini ixoxa nabantu abafuna ukutshala izimali asebekhombise ukuba nentshisekelo kule mayini.

Abavukuzi abathathu – uSolomon Nyirende, uYvonne Mnisi kanye noPretty Nkambule - bavaleleka ngaphansi komhlaba ngesikhathi kuwa i-container maqede yagqibeka ngaphansi komhlaba ngomhlaka-5 kuFebhuwari 2016.

Namanje izidumbu zabo azikakakhishwa ngaphansi komhlaba.

UZwane kanye noNdunankulu waseMpumalanga, uDavid Mabuza, bazibophezele ukuxoxisana nezimayini ezingomakhelwane ukuze ziqashe abanye babasebenzi baseLily Mine kanye naseBarbrook.

Ngakolunye uhlangothi, uhulumeni wesifundazwe eMpumalanga usuzibophezele ukunikezela ngamaphasela okudla emindenini ekhahlamezekile. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.