UNgqongqoshe ukhala ngodokotela 'abaqhenyela' umsebenzi

2017-01-20 10:00

Cape Town – UNgqongqoshe wezeMpilo, u-Aaron Motsoaledi, usephumele obala wachitha imibiko yokuthi kunenqwaba yodokotela bakuleli asebefunde bagogoda kodwa ababhuquza neziqu zabo emakhaya ngenxa yokuswela amathuba okuqeqeshwa ezibhedlela zakuleli.

Inhlangano iJunior Doctors Association of SA (Judasa), nedlelana neSA Medical Association (Sama), kanye neNational Healthcare Professions Association (NHPA), ikhiphe umbiko mayelana nodokotela kanye nosokhemesi abangasebenzi.

OLUNYE UDABA: Odokotela bashiye ingane nama-cleaner bengenela isiteleka

Kusolwe uhulumeni ngokuhluleka ukufaka laba emisebenzini kanye nokushoda kwamathuba emisebenzi odokotela.

Kodwa-ke uNgqongqoshe uyakuchitha lokhu njengoba yena ekhala ngabo odokotela ngokuthi bafuna ukukhetha izindawo abazosebenza kuzona, wathi ngokujwayelekile bajaha izindawo ezisemadolobheni kanti abayingeni eyokusebenza ezibhedlela ezisemakhaya.

“Isibalo esiphezulu sodokotela abasanda kugogoda bafuna ukwenza ama-interniships ikakhulukazi emadolobheni amane: iseKapa, iseThekwini, iseGoli kanye nasePitoli. Abambalwa bangakhetha iPort Elizabeth, i-East London kanye neKimberley,” kusho uMotsoaledi.

Uqhuba uthi bangu-22 odokotela bakuleli abafakwe emisebenzini kodwa bayinqaba ngenxa yezizathu ezahlukene.

Ngaphezu kwalokho uthi kunodokotela bakwamanye amazwe abangu-89 abafake izicelo zemisebenzi nathe isizathu sokungabathathi bekuwukuthi basafuna ukunikeza ithuba odokotela baseNingizimu Afrika kuqala. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.