Ungqongqoshe unxusa amanesi atelekile ukuba abuyele emsebenzini

2018-04-17 16:00

Harare - UNgqongqoshe wezeMpilo eZimbabwe usenxuse amanesi angene esitelekeni esithikameze ukusebenza ezibhedlela ezinkulu kuleliya lizwe ukuba abuyele emsebenzini.

Lesi siteleka siza ngemuva kokuthi uhulumeni ekhiphe umbiko wokuthi ubhedukane i-cholera isibulale abantu abane kwathi abangu-20 kwaqinisekiswa ukuthi basulelekile ngalesi sifo ezifundeni eziseHarare.

Njengamanje, i-cholera isabikwe emijondolo yaseStoneridge naseChitungwiza, okuyisidolobha elinabantu abaningi eliseningizimu yeHarare.

OLUNYE UDABA: Bangenele isiteleka odokotela bekhala ngamaholo

EStoneridge, izakhamuzi ziwathola emapitsini amanzi kanti amanzi kamasipala afika kabili kuphela ngesonto eSt Mary's, kuqhuba umbiko.

Lowo ongumqondisi weziphathelene nezempilo kuhulumeni, uPortia Manangazira, uthi bane abantu okuqinisekiswe ukuthi babulawe yi-cholera kanti abangu-24 kusolakala ukuthi basulelekile.

Uxwayise ngokuthi lo bhedukane ubhebhethekiswa ukungawatholi amanzi ahlanzekile kanjalo nohlelo lokuthuthwa kwendle olungekho sesimweni.

Akucaci kahle noma lesi siteleka sibandakanya nalabo bahlengikazi abasebenza ezikhungweni ezelapha i-cholera na.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.