UNgqongqoshe uphika ‘ubudlelwano’ nomholi wabafundi

2016-11-17 11:31

Cape Town – Ngemumva kwezinsuku ethe “umazi kahle” umholi wabafundi, uMcebo Dlamini, uNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso, uDavid Mahlobo, useshaye ungqimphothwe ngezinga lobudlwelwano babo.

UMahlobo ubephundula imibuzo ephalamende ngoLwesithathu ngenkathi ecelwa ukuba acacise ngobudlelwano bakhe noDlamini.

Lokhu kulandela imibiko yephephandaba iMail & Guardian, ethi uMahlobo wathi lo mholi wabafundi useke wafika izikhathi eziningi emzini wakhe.

OLUNYE UDABA: Unkosikazi kaZuma 'waxoshwa' ngungqongqoshe eNkandla – Ummeli

UMahlobo wenza lokhu kuphawula ngenkathi ekhuluma kwingxoxo eyayihlelwe yi-Institute of Security Studies, ngoMsombuluko, mhla zingu-14 kuNovemba.

Kwi-video yalo mcimbi eyafakwa kwi-internet yintatheli yeDaily Vox mhlaka-14 kuNovemba, uMahlobo uthi akahlangene nokuboshwa kwaDlamini, wathi waboshwa ngamaphoyisa.

“Kodwa ngiyamazi uMcebo, usebe endlini yami izikhathi eziningi,” washo kanjalo ngaphambi kokuba anxuse izwe ukuba lidedele inkantolo ebhekane nalolu daba.

Kodwa-ke ngoLwesithathu uNgqongqoshe ushaye ungqimphothwe wathi imibiko yamaphephandaba akufanele ithathwe njengeyiqiniso.

“UMcebo Dlamini akakaze abe sendlini yami. Lowo mhlangano awukaze waba khona,” kusho uNgqongqoshe ngoLwesithathu.

Uphinde wagxeka amanye amaLungu ePhalamende ngokuba “nezinhloso nokujabula” ngomzabalazo wabafundi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.