Ungqongqoshe uqhakambise ukubaluleka kokuhlonishwa kwemithetho yemigwaqo kweka-Akhumzi Jezile

2018-05-05 12:08

Johannesburg -  UNgqongqoshe wezamaSiko nobuCiko, uNathi Mthethwa usebenzise inkonzo yomngcwabo ka-Akhumzi Jezile ebiseRhema Bible Church eRandburg eGoli ukuqhakambisa ukubaluleka kokuhlonipha imithetho yomgwaqo.

"Namuhla kufanele sonke sivuselele isibambiso sethu nokuzibophezela kwethu ukuqinisekisa ukuthi senza ingxenye yethu ekuqinisekiseni ukuphepha emigwaqweni yethu futhi sibacabange nabanye abasebenzisa umgwaqo. Izigameko ezifana nalezi ziphanga izwe lethu ikusasa lethu, ikusasa lethu ku-Akhumzi liphangiwe."

OLUNYE UDABA:Buka: Kuvuke umunyu uKelly Khumalo ehlabelela enkonzweni ka-Akhumzi

Edlulisa inkulumo, uMthethwa udlulise namazwi enduduzo emndenini yezinye izihlabani ezadlula engozini yemoto kanye noJezile.

UJezile, 29, ushone engozini yemoto ku-N6 eduzane naseQueenstown elibangise e-Eastern Cape ngesonto eledlule.

USiyasanga Kobese noThobani Mseleni, bangabanye abadlula kule ngozi eyaphuma nemiphefumulo emihlanu.

UJezile uyabekwa (ngoMgqibelo) namuhla emini emathuneni aseWestpark.

 - BUKA:

 - SABC


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.