UNgqongqoshe uthi ayiphele eyamaphoyisa acasha ezihlahleni

2017-12-08 18:01

Johannesburg - Amaphoyisa omgwaqo azobe ephume ngobuningi bawo njengoba sekusondele isikhathi samaholidi, kepha kulo nyaka izinto zizothi ukwehluka kancane.

Lokhu kulandela ukuthi uNgqongqoshe wezokuThutha uJoe Maswanganyi eyalele amaphoyisa omgwaqo ukuba ahlukane nomkhuba wokucutha emahlathini.

UMaswanganyi unxuse ukuba amaphoyisa aqikelele ekutheni imifaniswano yawo, izimoto ezimakiwe kanye neziteshi okuhlolwa kuzo izimoto zibonakala kuwo wonke umuntu.

“Umkhuba wokubhaca ngezihlahla ngenhloso yokubamba abephula imithetho yomgwaqo iyaphambana nomsebenzi. Isimo esinzima esibhekene naso siyasiphoqa ukuba siqale senze izinto ngendlela eyehlukile kulo nyaka," kusho uMaswanganyi.

OLUNYE UDABA: BUKA: Azigwaze ngowawo amaphoyisa omgwaqo andlale imali phezu kokudla

UMnyango unezele ngokuthi uhlelo lwayo lwakulo nyaka luzoqinisekisa ukuthi bayaboshwa bonke abephula imithetho yomgwaqo.

Abantu bazwakalise imibono yabo ngalokhu enkundleni yezokuxhumana uFacebook.

UMlu Shellington Majola ubhale kanje: “Ngake ngazibuza lo mbuzo ngaphambilini. Yini injongo yokutshalwa kwamaphoyisa emigwaqeni uma ezocasha ngezihlahla? Angingabazi ukuthi ukubonakala kwawo esobala kungazehlisa izingozi zomgwaqo. Ubani nje ungahamba ngesivinini esiphezulu phambi kwephoyisa lomgwaqo?"

UFreedom Reed yena uthe: "Sonke sizenza abashayeli abaqotho phambi kwamehlo abo (amaphoyisa), kepha uma singababoni siyayephula imithetho yomgwaqo. Yingakho becasha bafuna ukubona ukuthi siziphatha kanjani uma bengasiboni!".



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.