Ungqongqoshe utuse iSilo ngosuku lwaso lokuzalwa

2016-07-27 16:00

Durban – UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, usetuse iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini njengoba egubha usuku lwakhe lokuzalwa.

UBhejane Phuma esiqiwini uhlanganisa iminyaka engu-68 abona inhlamvu yelanga ngoLwesithathu (namhlanje).

UDube-Ncube, uMnyango wakhe oweseka izikhungo zomdabu KwaZulu-Natal, uthe iMbube iqhakambisa usiko nomlando wesifundazwe ngokungakhathali.

OLUNYE UDABA: Unwele olude Mbube - Abafundi

"Ngokusebenzisa ubuholi namandla akhe, uNgangezwelakhe udlale indima enkulu ekugqugquzeleni ukuthula, ukubuyisana nokuhlanganisa abantu.

“Unikele impilo yakhe ekusebenzeleni ukufukula imiphakathi edla imbuya ngothi, kanjalo nokulwisana ne-HIV/Aids."

UDube-Ncube uthe isifundazwe siyabonga kakhulu ngendima edlalwe yiSilo ekugqugquzeleni izinto eziphathelene nomnotho nezenhlalakahle.

"Sithi unwele olude kuwe Silo samaBandla, uqhubeke nemisebenzi yakho emihle.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.