UNgqongqoshe uvuse ithemba kowahlaselwa yisifo sohlangothi

2016-07-07 11:33

Johannesburg - Umfundi owenza izifundo zobudokotela, uSiyabonga Nxumalo,23, wahlangabezana nengwadla ngonyaka odlule ngesikhathi ehlaselwa yisifo sohlangothi.

USiyabonga waseMadadeni, ngaseMewcastle waphumelela uMasikuletsheni wakhe ngamalengiso ngo-2010. Wathola umfundaze eMnyangweni wezeMpilo eKZN wokwenza izifundo ze-medicine.

Kodwa, ngemuva kokufunda ngokuzikhandla iminyaka emihlanu e-University of KwaZulu-Natal, wahlaselwa yisifo sohlangothi.

Waphoqeleka ukuba ashiye phansi ukufunda, afune ukwelashwa. Isifo sohlangothi samenza wangakwazi ukukhuluma nokuzenzela izinto.

Funda nalolu daba: Kuboshwe iphoyisa nojele ngokushayela bephuzile

UNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uDr Sibongiseni Dhlomo waziswa ngudokotela waseMadadeni, uSibusiso Ntsele, ngodaba lukaSiyabonga.

NgoLwesibili, uDhlomo uvakashele kubo kaSiyabonga ehambisana nezikhulu zomkhandlu waseMajuba kanye nezikhulu eziphezulu ezibhedlela zaseMadadeni naseNewcastle.

UDhlomo unethemba lokuthi uSiyabonga uzokwelulama aqhubeke nezifundo zakhe njengoba esesalelwe yiminyaka emibili aziphothule. 

“Kodwa izimpi zinqotshwa ngomdono. Iningi labantu lelapheka kangcono noma ngokushesha uma likholelwa ukuthi lizokwelapheka,” kusho uDhlomo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.