Ungqongqoshe uxwayise izifikanamthwalo wathi "zizonya"

2016-04-30 08:01

Mbombela – Ungqongqoshe waseMpumalanga ogcwele intukuthelo usabise ngokudingisa izifikanamthwalo ezizibandakanye embhikishweni kuleli sonto, wazi "zizonya".

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uVusi Shongwe ubekhuluma nezakhamizi ebezibhikisha eKhutsong eduzane naseMatsulu ngaphandle kwaseMbombela ngoLwesine ebusuku.

OLUNYE UDABA:IBotswana izoxosha izifikanamthwalo zaseZim

"Bonke labo abangenabo omazisi bazonya. Sizokwenza imizamo ngezidingo zeni siwuhulumeni kodwa kuqala kufanele sixoshe zonke izifikanamthwalo. Ngizotshala amaphoyisa kanti bonke labo abangenabo omazisi bazobuyela emazweni abo," usho kanje.

UShongwe uvakashele kule ndawo ngenhloso yokumisa isimo ngemuva kokuba izakhamuzi zezigodi ezintathu eMatsulu namaphethelo zingenele umbhikisho ngoSuku lweNkululeko.

Ababhikishi bafuna ugesi bathi behlezi bebukele izingane zabo zishona kufa nemfuyo yazo ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.

Ngaphambilini ababhikishi bala ukulalela imeya yaseMbombela uSibusiso Mathonsi zithi zifuna ukuhlangana nondunankulu uDavid Mabuza noMengameli uJacob Zuma.

UShongwe ubekhashwe  ngamaphoyisa nokhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Mondli Zuma.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.