UNgqongqoshe wamukele ukuboshwa konogada bakwaShoprite

2017-10-10 18:00

Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng uSizakele Nkosi-Malobane wamukele ukuboshwa konogada abathathu ngokushaya ikhasimende esitolo sakwaShoprite Usave eCosmo City.

Labo nogada baqoshwe kwi-video ngoMgqibelo odlule, babonakala bephatha ngendluzulu owesifazane bephinde bemufaka nozankosi phambi kwengane yakhe ngemuva kokuba ingane yakhe izame ukuzikhulula phambi kwesitolo.

L engane iyabonakala ikhala iqaqatheka ngesikhathi kwenzeka konke lokhu, kungathi incenga onogada ukuba bayeke unina, kepha kube zinhlanga zimuka nomoya.

OLUNYE UDABA:Bamisiwe onogada bakwaShoprite kulandela esokushaya ikhasimende

UNgqongqoshe uthe unethemba lokuthi okwenzeke kulabo nogada kuzoba yisibonelo esihle ngokungavumeleki kodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile.

Okhulumela uNgqongqoshe uBusaphi Nxumalo uthe: "Kulandela lesi sehlakalo esishaqisayo, uqinisekile ukuthi ngobufakazi obusemaphoyiseni, labo nogada bazothola isigwebo esiqinile."

- EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.