UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uthi bazosivikela isiBhunu ezikoleni

2018-03-06 11:01

Johannesburg – UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uthi uMnyango wakhe uzoluvikela ulimi lwesiBhunu ezikoleni.

UNgqongqoshe ubephendula umbiko mayelana nezikole ezingu-119 ebezifundisa ngesiBhunu kodwa esezishintshelwe olimini lwesiNgisi.

Kubenokukhathazeka mayelana nokuthi iningi lalezi zikole zisezindaweni zamaKhaladi, okuyizona ezisebenzisa kakhulu isiBhunu.

I-AfriForum ithi lokhu kuveza ngokusobala ukuthi isiBhunu sisengcupheni kulesi sifundazwe.

OLUNYE UDABA: Baningi eKZN abanamakheli angahlelekile

Okhulumela le nhlangano uWillie Spies uthi izizathu zokuba uLesufi "ahlasele" izikole zamaKhaladi yingoba lo mphakathi ungeminye yaleyo "ehluphekayo".

Kodwa uLesufi uyaphika.

Uthi emiphakathini okubonakalayo ukuthi sekuhlala kuyona izinhlanga ezahlukene, bafaka isicelo sokuba kusetshenziswe izilimi ezimbili, ukuze labo abafuna ukuqhubeka nesiBhunu bezoqhubeka nokufunda ngaso kuthi nalabo abafuna ukufunda ngesiNgisi bazokwamukelwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.