UNgqonqoshe ufuna isukunyelwe eyokubiza kwama-data kuleli

2017-05-26 14:01

Cape Town – UNgqongqoshe wezokuXhumana kanye nezamaPosi, uSiyabonga Cwele, uthi amanani ama-data kuleli “alokhu ephezulu”, nokusho ukuthi akukho ukuncintisana ezinkampanini ezinkulu zezokuxhumana.

Esitatimendeni sabezindaba ngaphambi kwenkulumo yakhe yasePhalemende ngesabelomali, uCwele uthe uMnyango wakhe wazi kahle kamhlophe ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakholwa ukuthi ama-data kumele ehle.

OLUNYE UDABA: Angase ehle kakhulu ama-data kwaVodacom, kusho isikhulu

Ubecaphuna embikweni we-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) nokhombisa ukuthi ukusetshenziswa kwama-data sekunyuke ngo-55%, ngesikhathi inzuzo yama-data yona inyuke isuka ku-R30bn iya ku-R38bn. Yize noma imisebenzi yehle ngo-4 000 intengo yama-data ayikasuki ezingeni, kusho uCwele.

Ngenxa yalokhu, uNgqongqoshe ukhiphe umyalelo kwi-Icasa ukuthi ishaye imithetho ezoqinisekisa “ukuncintisana okusebenzayo” emkhakheni wezokuxhumana.

“Lesi simo (samanani aphezulu ama-data) singase sidinge ukungenelela kweCompetition Commission,” kusho uCwele.

“Sinxusa izinkampanini ukuthi ziqale ukuncintisana ngomsebenzi ukuqinisekisa intengo yama-data kanye nokushaya ucingo yehlela ezingeni elikhonekayo noma ngaphansi kuka-2% wemali engenayo emakhaya.”

Ngonyaka odlule kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana umkhankaso wokuthi kwehliswe intengo yama-data, i-#DataMustFall, nowawuqhutshwa ngumsakazi odumile, uThabo “Tbo Touch” Molefe, nowakubeka ngembaba ukuthi amanani ama-data eNingizimu Afrika “awukubanjwa inkunzi ilanga libalele” nokuthi le ntengo kumele yehle. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.