Ungubani ungqongqoshe omusha uBongani Bongo?

2017-10-17 18:00

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma uqokele kwesikaNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso ilungu lePhalamende elidabuka eMpumalanga, okungaveli lutho olutheni elazelwa lona kwezombusazwe.

U-Advocate Bongani Bongo kube nguye kuphela okhushulelwe esikhundleni sokuba ngungqongqoshe ngesikhathi uMengameli Zuma enza izinguquko ngoLwesibili ekuseni - okunguguquko lwesibili ezinyangeni eziyisikhombisa.

UBongo ukhushulelwe kulesi sikhundla esuka kwikhokhasi ye-ANC wangena ezicathulweni zikaDavid Mahlobo, yena oyiswe kwesikaNgqongqoshe wezaMandla.

Ngesikhathi iNews24 ithinta ilungu elisebuholini be-ANC eMpumalanga ukuba liphawule ngokuqokwa kukaBongo, livele lafa yinsini, maqede lathi: "Hhayi, izinto ziyenzeka eNingizimu Afrika."

OLUNYE UDABA: Siphoxekile ngokuxoshwa kukaBlade Nzimande - Mantashe

Lo mholi, oyilungu lesigungu esiphezulu esifundazweni, uthe uBongo unobudlelwano obudala noNdunankulu uDavid Mabuza, kepha bake baphambana ngemibono kule minyaka eyedlule.

UBongo, oyi-advocate ngokwemfundo yakhe, kuthiwa wake waba yilungu le-ANC Youth League eMpumalanga, kepha akekho esigungwini esiphezulu sesifundazwe.

Lo mholi ongafunanga negama lakhe, uthe uBongo waziwa njengo"muntu ka-DD [Mabuza]"

"Kwake kwaba nokungaboni ngasolinye ngokuqhubeka eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni, lapho uBongo ayesebenza khona ngaphambi kokuba aye ePhalamende," kusho lo mthombo.

UBongo kuthiwa uyingxenye yethimba elikhankasela uNkosazana Dlamini-Zuma eMpumalanga.

Umhlaziyi wezepolitiki kwaNews24, uMpumelelo Mkhabela, uthe kungenzeka ukuthi ukuqokwa kukaBongo kuyimizamo kaZuma yokuyenga uMabuza ekutheni abe sekhempini yabeseka uDlamini-Zuma.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.