Unikele emaphoyiseni osola umphathi ngokumfuna ucansi

2016-05-05 17:00

Ficksburg – Osebenzela umasipala waseSetsoto eFicksburg udinwe ugane unwabo ngenxa yokuthi umqashi uhlulekile ukumvikela kumphathi olokhu emfuna ucansi.

 Lo wesimame, 36, usola umphathi wakhe ngokumpotoza amabele ngo-Ephril wangonyaka odlule, wathi uma emtshela ukuthi akayeke lokhu akwenzayo, uthi umphathi wathi akayeke ukuziphathisa okwengane.

Uthi izinkinga zakhe zaqala lapho emsebenzini ngoba umphathi wayemsebenzisa kabuhlungu ngemuva kokunqaba ukuba alale naye.

Lo wesimame oneminyaka engu-10 esebenzela umasipala uthi wayecabanga ukuthi uzosizakala uma ekhononda ngokusemthethweni ngalokhu.

OLUNYE UDABA:Ngabe uyakuthokozela ukwenza ucansi ukhulelwe?

“Ngangithi abaphathi bazongisiza uma ngifaka isikhalazo ngalokho okwenzekayo, kodwa kuze kube yinamuhla akukaze kwenzeke lutho,”kusho yena.

Lo mama uze waphoqeleka ukuba avule icala emaphoyiseni ngoba besekumcacele ukuthi nabanye abaphathi bayamvuna lo mphathi wakhe omhlukumezayo.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Phumelelo Dlamini ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala koluhlukumeza ngokocansi kanti nedokodo selithunyelwe eNkantolo kaMantshi.

-Dailysun

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.