Unkosikazi kaDumi ubekhona ngemizuzu yokugcina yomyeni wakhe

2017-08-04 07:00

Cape Town - USimphiwe Ngema ongunkosikazi womlingisi, uDumi Masilela, obulewe esigamekweni sokuduna, ubenomyeni wakhe ngemizuzu yokugcina.

UMasilela udutshulwe wabulawa ngesikhathi izigebengu zizama ukuduna imoto yakhe, waphuthunyiswa esibhedlela ngoLwesithathu ebusuku.

Ngesikhathi uNgema efika esibhedlela, uMasilela ubesaphapheme, lezi zithandani zathi ukukhuluma kancane.

UMasilela ubethi usezinhlungwini, uNgema emduduza ngaphambi kokuba ayohlinzwa.

OLUNYE UDABA:Kumiswe ukuqoshwa kweRhythm City kushona umlingisi

Okhulumela umndeni uMpumi Phillips utshele iThe Juice ukuthi uNgema ubengacabangi ukuthi ubekhuluma nomyeni wakhe okokugcina.

"Ubecabanga ukuthi odokotela bazomuhliza, bamelaphe kahle. Ubengazitsheli ukuthi uzoshona ngabo lobo busuku," kusho uPhillips.

Ngesikhathi kubuzwa ukuthi unjani uNgema kulandela lezi zindaba zomyeni wakhe ezibuhlungu, uthe: "Ushaqekile, kodwa ungumuntu wesifazane oyisimangaliso. Unesibindi."

Lezi zithandani zishade ngoMeyi 2017. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.