Unkosikazi kaKaizer ufuna ukubuyela kwelakubo

2017-08-06 16:52

eGoli - UKatherine Motaung ongunkosikazi kaKaizer Motaung Jnr ufuna ukubuyela kwelakubo eGermany.

Lo nkosikazi ufake isicelo esiphuthumayo enkantolo yaseSouth Gauteng ngesonto eledlule ecela imvume yokubuyela kwelakubo nezingane zakhe ezimbili.

Iphephandaba iSunday Sun iphethe le ncwadi efungelwe yalo wesimame ekhala ngokuhlukunyezwa ngokushaywa wumyeni wakhe emshayela phandle kwamagceke esikole sezingane zabo.

“Ngifake isicelo sokuthuthela kwelakithi ngokuphelele nezingane zami ezisencane,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Umdlali webhola uthole ingane yomfana nomakhwapheni

Lo wesimame uthi umyeni wakhe waqala ukumshaya ngoFebhruwari kulo nyaka nokuyilapho amvulela khona icala

“Sasisemhlanganweni wendodana yethu esikoleni. Sesihamba wavala umnyango wemoto weza ngakumina, wangidudula engithethisa ethi ngiyamnyanyisa,” kuqhubeka yena.

Uthi ngemuva kokuvula icala, baba nengxabano nomyeni wakhe nokuyilapho amthumela khona umqhafazo.

Kulo mqhafazo, uKaizer uthi umfisela okuhle kulokhu akwenzayo ngoba sengathi usephelelwa yisikhathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.