Unkosikazi waphaphama umyeni edlwengula indodakazi ekameleni

2017-09-27 19:29

Bulawayo - Indoda yaseShurugwi, eyayilala ekameleni elilodwa nomkayo namadodakazi ayo amathathu, kusolwa ukuthi yaphuma ezingutsheni zayo, embhedeni ilele nomkayo yayodlwengula indodakazi, 12, eyayilele phansi.

Kuzwakale ukuthi unkosikazi waphaphama ebuthongweni wabamba umyeni, 39, oqotsheni edlwengula indodakazi yabo eyayihayiza, icela usizo.

Le ndoda, igama layo eligodliwe ngenhloso yokuvikela isisulu, ayibuzwanga ukuthi iyalivuma noma iyaliphika yini icala ngesikhathi ivele phambi kweMantshi yeNkantolo yaseShurugwi, uSangster Tavengwa.

OLUNYE UDABA:Owancinza unkosikazi amabele uthi wayekhathele

Umsolwa ugcinwe esitokisini kanti uzovela enkantolo ngomhlaka-3 Okthoba.

Unkosikazi wale ndoda owayeshaqekile nguye owabikela amaphoyisa udaba, yabe isiboshwa.

Umshushisi uBetha Bore utshele inkantolo ukuthi ngomhlaka-19 Septhemba, umsolwa wayelele nomkakhe nezingane zabo ezintathu ekameleni elilodwa.

Inkantolo ilalele ukuthi ngezithuba zabo-02:00 ezintathakusa, umsolwa wehla embhedeni waya phansi lapho okwakulele khona izingane zakhe zontathu.

Wangena ezingutsheni zezingane wabe eseqala edlwengula indodakazi yakhe.

Intombazane yamemeza, ifuna usizo, kwavuka unina ngokushesha wakhayisa ilambu, wabe esebona umyeni wakhe edlwengula indodakazi.


 - Bulawayo24

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.