Unogada omkhulu kaZuma ezinsolweni zokugwazelwa

2017-07-28 14:01

Johannesburg – Unogada omkhulu kaMengameli Jacob Zuma nophinde abeyiNhloko yophiko oluqapha uMengameli, iPresidential Protection Service (PPS) wathola imali enkulu enkampanini ehlinzeka ngamalambu aluhlaza lolu phiko ukuze athenge indlu endaweni yomtakabani.

INews24 kanye neScorpio sebengakudalula ukuthi uPhineas Manthata, nongumnikazi wenkampani i-Instrumentation for Traffic Law Enforcement (ITLE), ngo-2012 walekelela ngemali engu-R700 000 ngesikhathi uMajor-General Muzingaye Mxolisi Dladla kanye nalowo owayengowakwakhe ngaleso sikhathi bethenga indlu endaweni yomacaphunakusale eBlue Valley, eMidrand, eGauteng.

Inkampani kaManthata iyona inkampani enkulu ehlinzeka ngamalambu akuhlaza kanye neminye imikhiqizo ehambelana namalambu aluhlaza inqwaba yezimpiko (units) ezihlukene zeSouth African Police Service (SAPS), okuhlanganisa nalolu phiko lukaDladla. I-PPS iyona ebhekene nomsebenzi wokuvikela uMengameli Jacob Zuma, kanti uDladla uthathwa njengomuntu osekunesikhathi esondelene kakhulu noZuma.

UDladla kanye nalowo owayeyisinqandamathe sakhe, uMogotladi Mogano, noyisikhulu eHhovisi likaMengameli, bathenga lo muzi ngo-R3.2 million ngoJulayi 2012, ngokwamarekhodi obunikazi bezindlu.

OLUNYE UDABA: Ama-#GuptaLeaks ayifake ehlazweni elikhulu i-ANC - Mkhize

Lezi zithandani zathola imalimboleko yasebhange ka-R2.72 million, nokusho ukuthi kwakufanele zikhokhe imali yesibambiso (deposit engu-R480 000 ukuze lolu hlelo lokuthengwa kwendlu luzophumelela.

UDladla kanye noMogano kwakuzomele baphinde babe nomunye u-R240 000 wezindleko zokuthengwa komuzi kanye nezinye izindleko, ngokusho kwezibalo zenkampani ehamba phambili edayisa ngezindlu. Sekuhlanganiswe konke, lokhu kusho ukuthi lezi zithandani bezizoshoda ngemali engu-R720 000.

INews24 itholile ukuthi uManthata uyena owabe esetakula lo mndeni ngokuthi akhokhe ngokwakhe imali engu-R700 000 ukuze ukuthengwa kwale ndlu kuzoba yimpumelelo.

UManthata, ekhulunyelwa ummeli wakhe, ukuphikile ukuthi kukhona into engalungile ayenza, kodwa wanqaba ukuphendula imibuzo ngemininingwane ethinta lokhu kuthengwa kwendlu.

I-SAPS, uDladla kanye noMogano bonke bahlulekile ukuphendula imibuzo emayelana nalokhu kuthengwa kwendlu.

Kodwa-ke okhumela amaphoyisa, uMajor-General Sally De Beer, ukuqinisekisile ukuthi inkampani kaManthata yayisohlwini lwezinkampani ezibhalisiwe ukuthi zinhlinzeke iSAPS ngezidingo. Uthi kodwa ayikho inkontileka ekhona njengamanje nale nkampani.

Bobabili uDe Beer kanye nozakwabo, uBrigadier Vishnu Naidoo, banqabile ukuphendula imibuzo ngokuthi yimalini esisetshenziswe yiSAPS emikhiqizweni ethengwe enkampanini kaManthata.

Funda udaba oluphelele lapha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.