Unogada wesikole obhekene nawokunyukubeza izingane ulaxaze esebheyili

2017-10-26 07:12

Johannesburg – Unogasa wesikole obhekene namacala angu-87 okunyukubeza ngokocansi abafundi bamantombazane esikoleni samabanga aphansi eSoweto ngeke afake isicelo sebheyili.

Lo nogada ubevele phambi kweMantshi yaseProtea ngoLwesithathu emini.

Leli khehla elifishane lingene enkantolo lizivale ubuso litshele inkantolo ngosizo lommeli uCheryl Slack wacela inkantolo ukuba ilihlehlise leli cala ukuze amaphoyisa aqhubeke nophenyo nezisulu zikwazi ukuqinisekisa ukuthi lo msolwa oboshiwe uyena ngempela owenza lawa macala abekwe wona.

USlack utshele inkantolo ukuthi zingu-15 izingane ezifake izitatimende ezibhaliwe.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa azingela abazame ukubamba unogada othutha imali

Uthi ayizange iqhubeke inqubo yokuthi izisulu zikhombe umsolwa ngoba kwavela ukuthi umsolwa ummelwe abammeli bakahulumeni hhayi uMabasa.

Kulokhu, iMantshi uRonald Zakwe uyalele umsolwa ukuba atshele inkantolo ukuthi wubani ummeli wakhe ukuze kuqhutshekwe nenqubo edingwa abashushisi.

Nebala, umsolwa uvumile ukuthi ummelwe wuMabasa, ngakhoke leli cala lihlehliselwe umhlaka 1 Novemba lapho kulindeleke ukuthi umsolwa avele emaphoyisa lapho azomiswa khona emgqeni wabantu ukuze izisulu zizokhomba umsolwa okunguyenayena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.