Unogada wesikole 'udlwengule' umfundi kune-matric dance

2017-10-15 14:29

Orlando – UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uthi uMnyango wakhe kuzomele ushintshe uhlelo lokuqasha onogada bezikole.

Lokhu kungemuva kokuba kuvele ukuthi kunomunye futhi umfundi owahlukunyezwa ngokocansi ngunagada wesikole ngesikhathi kune-matric emasontweni ambalwa edlule.

ULesufi ubekhuluma nabazali emhlanganweni obungeSonto esikoleni saseSoweto lapho unogada wesikole kusolwa ukuthi uhlukumeze khona izingane ezibalelwa ku-87.

Ngesikhathi uMnyango uphezu kwemizamo yokusiza abafundi abahlukunyezwe ngokocansi ngunogada e-Orlando, uLesufi uthi sebephinde bathola eminye imibiko ngesigameko esifanayo esenzeke eMamelodi.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zibulale ingwe ebisiqede imfuyo

“Sifuna ukwazi ukuthi kungani unogada ebemenywe kwi-matric dance.”

ULesufi uthi uMnyango manje usufuna ukubhekisisa uhlelo lokuqashwa konogada besikole ezikoleni.

Uthe kuzomele basebenzisane ne-CPFs ohlelweni lokuqashwa konogada bezikole.

UNgqongqoshe kulindeleke ahambele isikole saseMamelodi ngoMsombuluko lapho kudlwengulwe khona umfundi wentombazane oneminyaka engu-17 ubudala. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.