Unompempe kuphela obengakwazi ukumisa umdlalo – Khoza

2017-07-31 13:58

Cape Town - IKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates babambe isithangami sabezindaba ngokuhlanganyela ngoMsombuluko kulandela ukushona kwabantu ababili enkundleni yezemidlalo iFNB Stadium ngoMgqibelo ngenxa yesiminyaminya.

Ngaphambi kokuba kuqale umqhudelwano waminyaka yonke iCarling Black Label Cup phakathi kwalezi zinkunzi zaseSoweto, kube sekuba nesiminyaminya eduze noGate J kanti kuphinde kwalimala nenqwaba yabanye abalandeli ngesikhathi bephuthuma ukungena enkundleni.

USihlalo wamaBucs, u-Irvin Khoza, udalule ukuthi kula bantu ababili abashonile, uyedwa kuphele osehlonzwe amalungu omndeni.

“Egameni le-Orlando Pirates kanye neKaizer Chiefs singathanda ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekile,” kusho uKhoza ngemuva kokuthi wonke umuntu ebambe iqhaza emzuzwini wokuthula.

OLUNYE UDABA: Kuqinisekiwe imbangela yesehlakalo esenzeke eFNB Stadium

“Akekho umuntu oya emdlalweni webhola ngoba ehlose ukufa. Ngakho uma ngabe kunokulahleka kwempilo kuyinhlekelele yangempela. Akukho la singeke siphenye khona ophenyweni lokuthola imbangela yalezi zinhlekelele.

“Ayikho into esizoyisho ezobuyisa izimpilo zalabo abashonile. Okuncane esingakwenza ukuthi sibone ukuthi yini engahambanga kahle," esho.

UKhoza uthi unompempe uyena kuphela obengakwazi ukumisa umdlalo.

“Umdlalo awumiswanga ngoba bekumele sihambisane nemithetho yezokuphepha kanye nokuvikeleka. Umuntu okunguyena kuphela ongamisa umdlalo ngunompempe," ephatha.

USihlalo weChiefs, uKaizer Motaung, wengeze ngokuthi womabili amaqembu ahlela inkonzo yesikhumbuzo yalaba ababili abashonile. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.