Unovalo lokungashadi okumele ashade ngoDisemba

2017-06-08 14:03

Durban - Unovalo lokuthi angagcina engashadanga owesifazane waseMagwaveni, oThongathi, enyakatho yeTheku, okumele ziwushaye ngoDisemba ngenxa yokuthi utshelwe ngaboMnyango wezaseKhaya ukuthi uneminyaka emithathu eshonile.

UThembeka Octavia Majola, 36, usola ubudedengu boMnyango ngaleli phutha. Kuvela ukuthi kunowesifazane waseBizana, e-Eastern Cape, onguThembeka Octavia Majola oshonile, onezinombolo zikamazisi ezifana nse nezikaMajola.

Utshele ILANGA ukuthi uthole mhla zintathu ku-Agasti nyakenye ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya ukuthi ngokoMnyango, usendele koyisemkhulu.

OLUNYE UDABA: Udube ingane ongayitholi i-ID

Unikele emahhovisi oMnyango oThongathi eyozizwela, kwathiwa ishoba lilale emazolo ngo-2014. Utshele leli phephandaba ukuthi usezame wancama ukulungisa le nkinga kodwa lutho.

"Kanginawo ngisho umasingcwabisane njengoba "ngifile". Sekuphele iminyaka emithathu ngingenamazisi. Ngikhathele wukulokhu ngehla ngenyuka kula mahhovisi ngingalutholi usizo. Ngingajabula uma uMnyango wezaseKhaya ungangenelela ngoba sengehlulekile," kusho uMajola.

Okhulumela iHhovisi loMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uCyril Mncwabe, uthe uzoxhumana noMajola mayelana nalolu daba ukuze uMnyango uzokwazi ukuphenya kabanzi.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.