Unozinti weBaroka unethemba lokubuya nendondo eLondon namhlanje

2017-10-23 14:01

Johannesburg - Unozinti weBaroka FC u-Oscarine Masuluke amabombo uwabhekise eLondon ngeSonto ebusuku enethemba lokuthi uzoba ngowokuqala e-Afrika ukunqoba iPuskas Award.

UMasuluke igama lakhe laphakanyiswa endimeni yabashaye amagoli avelele ngegoli alishaya bedlala ne-Orlando Pirates ePeter Mokaba Stadium ngesizini edlule koweligi.

Umgadli waseFrance odlalela i-Arsenal u-Olivier Giroud kanye noDeyna Castellanos waseVenezuela bangabanye babadlali abagaqele lesi sicoco, esizokhishwa namhlanje ebusuku enhlokodolobha yaseNgilandi.

OLUNYE UDABAUkunqoba kweChiefs kutatazelise iPirates

"Lokhu akukho mayelana nami kodwa umndeni wami, izwe lami kanye nezwekazi,” kusho uMasuluke etshela iKickOff.com ngaphambi kokuba agibele indiza e-OR Tambo International Airport.

"Ngiyaqala ukuya kwelinye izwe. Ngijabulile kakhulu. Nginethemba lokuthi le ndondo ngizobuya nayo.”

Lo mdlali uthi namanje akakholwa ukuthi uzobe esendaweni eyodwa nabadlali abaphambili emhlabeni.

“Ukuya eLondon ngiyohlangana nabanye babadlali abaphambili emhlabeni kungukufezeka kwephupho nje kukodwa. Ngibonga kakhulu kubantu abangivotele.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.