Unqatshelwe ibheyili 'oshaye intombi' ngensimbi

2017-09-19 13:59

Johannesburg - Ugqunywe esitokisini uKhombela Nthleko odume ngelikaDJ Khomza kulandela ukunqatshelw aibheyili eNkantolo yeMantshi yaseTembisa.

Lo DJ ubonakala kwivideo eshaya owesifazane ngesipanela ngempelasonto.

Lo wesifazane okukholakala ukuthi uyintombi yalo DJ, uyelulama esibhedlela kulandela ukuhlaselwa egaraji lakwa-Engen eduzane nasePitoli ekuseni ngovivi ngeSonto.

OLUNYE UDABA:Ukhishwe amazinyo obesabisa abebeyolanda izigqoko emshadweni

UThandeka Ndlovu ongumngani wesisulu, okunguye owaqopha isigameko wasifaka ezinkundleni zokuxhumana iFacebook.

UNdlovu ekhuluma nabeNews24, uthe bebephuma ekulabhini eTembisa ngesikhathi uNthleko "ebasabisa ngokubadubula ababulale" bobabili.

"Nihambe usuku lonke, ubani ongiklinelayo?" lawa ngamazwi kaNthleko ayebhekiswe kwisisulu.

UNthleko wabe eseshaya isisulu saze saquleka.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ubize uNthleko ngesilwane enkundleni yezokuxhumana iTwitter.

 - TWITTER:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.