Unqatshelwe ibheyili umculi weKwaito

2017-08-01 16:01

Johannesburg – Isihlabani somculo weKwaito uSipho Charles Ndlovu, odume ngelika-Brickz, sinqatshelwe ibheyili njengoba kusalindwe isigwebo.

UBrickz ubevele eNkantolo kaMantshi eRoodepoort ngoLwesibili.

NgoJulayi, uBrickz ulahlwe yicala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ubudala ngoNovemba 2013.

Ibheyili yakhe ka-R50 000 yahoxiswa ngemuva kokulahlwa yicala.

IMantshi uJohn Baloyi ithe kuzobe kungenziwa ubulungiswa uma engadedelwa ngebheyili, kusalindwe isigwebo.

OLUNYE UDABA: U-Arthur akazange amhlasele uCici - Umdansi

Uthe akusekho manje ukuthi kungenzeka ukuba uBrickz umsulwa njengoba selimgojelile icala.

“Ukudlwengula yinto ekhathaza kakhulu ezweni. Angigculisekile ngokuthi umsolwa uzoza enkantolo uma sekwehliswa isigwebo,” kusho uBaloyi etshela inkantolo.

Umshushisi uPratisha Salie uthe uma abameli bammangalelwa bengeneme ngesinqumo, bangababela eNkantolo eNkulu.

Icala lihlehliselwe uSepthemba 14.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.