Unqatshelwe ibheyili umfundisi osolwa ngokudlwengula

2017-09-07 11:03

Tzaneen – Unqatshelwe ibheyili lowo ozibiza ngomphrofethi osolwa ngokudlwengula amantombazane amane asebandleni lakhe eBurgersdorp ngaseTzaneen, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesithathu ntambama.

Umfundisi Confidence Monyela, 32, uvele eNkantolo kaMantshi eLenyenye ngoLwesithathu ngamacala amane okudlwengula kanye nelokuhlukumeza ngokocansi, kusho okhulumela amaphoyisa uMoatshe Ngoepe esitatimendeni.

UMonyela usolwa ngokudlwengula amantombazane amane, aneminyaka ephakathi kwengu-12 nengu-16 ubudala,  phakathi kukaDisemba 2016 no-Agasti 2017.

UNgoepe uthe uMonyela kukholakala ukuthi wayedlwengula izisulu uma ezimemeze ukuba zifike ngazodwana kuzothandazwa esontweni.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokudlwengula abafundi abayizimpumputhe

Ngesikhathi amantombazane ethandaza, umfundisi wayewabamba, bese eyawadlwengula, kusho uNgoepe.

UMonyela uthe umsolwa uboshwe ngo-Agasti ngemuva kokuba enye tamantombazane ibikele amaphoyisa.

Icala lihlehliselwe uSepthemba 8 ukuze kuphenywe kabanzi. Umonyela ugcinwe esitokisini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.