Unqatshelwe ibheyili umfundisi owathi uMugabe uzoshona

2017-01-20 11:37

Harare – Umfundisi wodumo waseZimbabwe nosanda kuphrofetha ukuthi uMengameli wakuleliya lizwe, uRobert Mugabe, uzoshona kulo nyaka, unqatshelwe ibheyili ngoLwesine yiNkantolo yeMantshi yaseHarare ngamacala okuphatha kabi ezinye izinkolo.

UMfundisi Patrick Mugadza, 46, webandla iRemnant Church waphrofetha ukuthi lo mholi oseneminyaka esesikhundleni uzophambana nemvula ngomhlaka-17 ku-Okthoba.

Wabe esenxusa lo mholi oneminyaka engu-92 ubudala ukuba avume izono zakhe bese ethandaza kanzima ukuze agweme lokhu kufa okuzomehlela.

OLUNYE UDABA: Uthi akazisoli umfundisi owaphrofetha ukuthi uMugabe uzoshona

IMantshi uVongai Muchuchuti unqabele lo mfundisi ibheyili ngemuva kokuthola ukuthi uMugadza wenze leli cala asolwa ngalo ngesikhathi engaphandle ngebheyili ngamanye amacala amabili.

Ummeli kaMugadza umangaze inkantolo ngesikhathi ebuza iphoyisa elingumphenyi waleli cala ukuthi uMengameli Mugabe uzoshona nini.

“Kungani uthi uMengameli Mugabe ngeke ashone ngomhlaka-17 ku-Okthoba? Ngabe uphonsela inselelo amandla kaNkulunkulu?” kubuza ummeli.

Kodwa-ke leli phoyisa, okunguMafion Muchena, lithe ngeke lakwazi ukuphendula lo mbuzo, lathi alinalwazi ngesimo sempilo kaMugabe.

Khonamanjalo, ummeli kaMugadza uthe bangase basidlulisele phambili isinqumo senkantolo sokunqaba ibheyili. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.