Unqatshelwe ibheyili uMomberg, kusalindwe isicelo sokuphikisa isigwebo

2018-03-28 14:01

Johannesburg - Lowo owayesebenza ngokudayisa izindlu uVicki Momberg unqatshelwe ibheyili njengoba elinde isinqumo sokufaka isicelo sokuphikisa isigwebo eNkantolo yeMantshi yaseRandburg.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMomberg egwetshwe iminyaka emithathu ebhadla ejele. Unyaka owodwa ulengiswe iminyaka emithathu ngombandela wokuthi akatholakali enecala elifanayo.

Ummeli wakhe uKevin Lawlor ufake isicelo sokuthi uMomberg adedelwe ngebheyili kulandela ukwehliswa kwesigwebo sakhe.

"Isicelo sami ngisifaka njengamanje nkosi yenkantolo, nginxusa ukuba ikhasimende lami likhululwe ngebheyili," kusho uLawlor etshela inkantolo. 

Umshushisi woMbuso uYusuf Baba ukhale nokuthi uLawlor "uphambana nomthetho".

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe iminyaka emithathu ebhadla ejele owabiza iphoyisa ngekhafula

"Umthetho uyakucacisa ukuthi awukwazi ukufaka isicelo sebheyili kusalindwe isinqumo sokuphikisa isigwebo," kusho uBaba.

IMantshi uPravina Rugoonandan uthe kunemigudu ekumele ilandelwe ngaphambi kokuthi kufakwe isicelo sebheyili.

Icala lihlehliselwe umhlaka-4 Ephreli ukuze kufakwe isicelo sokuphikisa isinqumo senkantolo.

UMomberg ulahlwe ngamacala amane okwehlisa isithunzi ngoNovemba 3 nyakenye mayelana nesigameko sokucwasa ngokwebala esenzeka ngo-2016, ngesikhathi ekhuluma amagama anokucwasa ngokwebala ewabhekise ephoyiseni elinsundu.

Iphoyisa lalizama ukumsiza kulandela isigameko sokubanjwa inkunzi eNorthriding, eGoli.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.