Unqatshelwe ushwele owafaka ingane kuhhavini

2016-07-27 20:30

Montgomery – Ibhodi likashwele e-Alabama, eMelika, liyanqaba ukudedela owesifazane owalahlwa yicala lokufaka ingane yakhe enezinyanga ezingu-14 izelwe kuhhavini ngo-2002.

Leli bhodi linqaba ukudedela ngoshwele uMelissa Wright, 40, waseMillbrook ngesikhathi kunesithangami ngoLwesibili.

UWright walivuma icala lokuzama ukubulala ngo-2003 ngemuva kokufaka indodakazi yakhe u-Ashley Smith kuhhavini ekhaya labo.

OLUNYE UDABA: Umama 'uvumile' ukuthi wanklinya ingane yakhe, yashona

Le ngane yasinda, kanti manje ineminyaka engu-15 ubudala.

Kwadingeka ukuthi ihlinzwe izikhawu eziningi kulungiswa isikhumba ngenxa yokusha.

USmith ucele ibhodi ukuba lingamdedeli umama wakhe ejele, nokho udadewabo kaSmith omdala uthi umama wabo akadedelwe ngoba useshintshile.

Umshushisi uthe ufuna lo wesifazane ayidonse yonke iminyaka engu-25 yesigwebo sakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.