UNxasana ufuna uZuma achaze kabanzi ngokuxoshwa kwakhe

2017-09-16 12:00

Johannesburg – Lowo owayenguMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi kuzwelonke uMxolisi Nxasana ufuna uMengameli Jacob Zuma abuzwe kabanzi enkantolo mayelana nesizathu esamenza wamxosha.

Engxoxweni abenayo ne-eNCA ngoLwesihlanu, uNxasana uthe uMengameli wamxosha ngoba esabela ukuthi uzoshishuswa ngamacala enkohlakalo.

UNxasana uthi wayazi kahle ukuthi umsebenzi wakhe kwiNational Prosecuting Authority (NPA) usengcupheni ngesikhathi uZuma enqaba ukuhlangana naye.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa ayaphenya ngomfundi odubule omunye

Uthi ngesikhathi esekwazile ukuthola isikhathi sokuhlangana noMengameli, uZuma wakubeka kwacaca ukuthi akaseyona inhloko ye-NPA.

“Wangitshela ukuthi kunabantu abamtshele ukuthi ngiyingozi, ngifuna ukumshushisa, wathi kimina uyazi ukuthi iyamhlanyisa indaba yokuzwa ngoNgcuka, uBulelani. Wathi laba bantu beze kuyena bamtshela ukuthi mina bengihlangene noBulelani Ngcuka kwelinye lamafulethi eThekwini.”

UNxasana uthi akaze ahlangane noNgcuka, ongomunye walabo abadingida nngesikhathi uZuma okwakumele abhekane ngaso namacala enkohlakalo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.