Konke sekumi ngomumo ngomcimbi we-Last Dance Festival eRichards Bay

2017-12-20 14:00

EThekwini - Kuhlelwa indumezulu yomcimbi ozoba se-Richards Bay kusukela ngomhlaka-30 kwephezulu kuze kube wumhlaka-1 Januwari.

Lo mcimbi waminyaka yonke owaziwa ngeLast Dance uzobe uvalelisa uNyaka wamaBhinca ngokuvula inkundla ngoMaskanda okunguyena owahlukanisa unyaka.

UMroza owasimema ukuba sibulale uVan Damme ngonyaka odlule saze sangena ngaye onyakeni omusha uzobe enandisa kulo mcimbi ozobe usenkundleni yezemidlalo eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngomhlaka-31 kwephezulu.

Ngaphambi kokuba siyibhikle, abahleli balo mcimbi bathi ubumnandi buzoqala ngohlelo lwamahlaya oluhlelelwe umhlaka-30 Disemba eMbizo Hall, eMpangeni.

Umhleli walo mcimbi uSipho Ndaba uthi ubengeke akwazi ukumshiya ngaphandle uMaskanda oqophe umlando.

“Bengizobe ngenze iphutha elikhulu uma ngike ngashiya ngaphandle umaskandi. Ngale kokunandisa kukaMroza, simeme nentandokazi yaseNkandla, uKhuzani.

“Njengoba kwaziwa ukuthi indawo yaseNkandla ingaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo, sibone ukuthi kuzokuba kuhle kakhulu ukuthi iNdlamlenze lizovala unyaka ekhaya lapho lithandwa khona kakhulu,” kusho yena.

OLUNYE UDABA: Kushukume izinkundla zokuxhumana iDistruction Boyz ithola igolide

Lo mcimbi uzosakazwa bukhoma ku-SABC 1 kusukela ngo-21:30 ngomhlaka-31.

Imisakazo yakwa-SABC uKhozi FM kanye neMetro FM bazobe besakaza bukhoma kulo mcimbi. IGagasi FM kanye neVuma FM nabo bazobe besakaza bukhoma kwiLast Dance.

Abaculi abamenyiwe kulo mcimbi kubalwa kubo uCassper Nyovest, Black Coffee, Mi Casa, Unathi, Amanda Black, Distruction Boyz, Junior de Rocka, Babes Wodumo, Khuzani, Oskido, DJ Bongz, DJ Merlon & Mondli, DJ Mngadi, DJ Amenisto, Okmalumkoolkat, noDJ Happy Gal.

Amathikithi ohlelo lwamahlaya abiza u-R150, awomcimbi wangomhlaka-31 wona aqala u-R200, awezicukuthwane u-R600 kanti omacaphuna-kusale bona bazokhokha u-R1 200. Ngomhlaka-1 Januwari kuhlelwe i-picnic ebhishi futhi kungenwa mahhala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.