Unyamalele osolwa ngokushisa intombi ebimala

2017-02-07 18:01

Durban - Usesimeni esibucayi esibhedlela owesifazane waKwaZulu-Natal uXolile Manyaka, 29, ngemuva kokuthungelwa ngomlilo ngowayeyisoka lakhe uZakhele Goodman.

Ngokusho kukamama kaManyaka, uThenjiwe Mpungwa, uthe laba bobabili besebehlukene kodwa benengane eneminyaka emithathu ubudala.

"UManyaka wahlukana noZakhele, kodwa uZakhele engafuni ukwamukela ukwaliwa," kuchaza umama.

OLUNYE UDABA: Uvelile owashisa intombi nge-ayina

Ngomhlaka-12 Januwari 2017 ekuseni, uZakhele kusolwa ukuthi wafika ezobona umama wengane wathi ufuna ukukhuluma naye.

Wahamba naye baya ngasemgwaqeni wafike wambhunyela ngophethiloli ngaphambi kokumshisa.

Kuthiwa kwembulwa kwembeswa kuye kanti umzimba wakhe ubhandishwe wonke.

"Ngangimatasa ngihlanza impahla yokugqoka ngesikhathi ngizwa abantu behayiza, ngithe uma ngibheka ngathola ukuthi indodakazi yami iyasha," kusho uMpungwa, eqhuba ngokuthi usehlalela ovalweni njengoba uZakhele esagcwele amathafa ebalekela imibuzo ngokuzama ukubulala.

Abe-South African Community Crime Watch sebeqalise umkhankaso ngemizamo yokumthola.

Owehhovisi le-SACCW uMike Venture uthe: "Amathuba okuba atholakale maningi uma izithombe zakhe zilokhu zizungeza yonke indawo."

Kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa aKwaDabeka kanti amaphoyisa athungatha umsolwa.

 - Drum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.