Unyamalele uDJ owayehahanyezwa izihlwele engafuni ukudlala ingoma

2016-12-31 13:31

Durban -Bonke oDJ bayazi ukuthi awuwuvali umcimbi ungayidlalanga ingoma eyintandokazi "Ska bora Moreki."

Lesi isifundo esibonwe uThemba Dlamini uhahanyezwe abathandi bobumnandi eqeda izingoma zakhe ngaphandle kokudlala le ngoma.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela ukufuniswa owesifazane odukile

Inkinga yaqala ngesikhathi uThemba etshela izihlwele ukuthi ngeke ayidlale le ngoma eculwa uKing Monada.

Lokhu kucasule ababingi abebengcebelekile beziphuzelaemcimbini obuse paki eDaveyton emasontweni amabili edlule.

Ozibonele ngawakhe utshele abeDaily Sun ukuthi izihlwele bezimhahameza zimtshela ukuthi akadlale lengoma, uThemba ubedumile njengoDJ odlalaemicimbini eyahlukene emalokishini ase-Kurhuleni.

Namuhla, umndeni kaThemba uphithene amakhanda njengoba eselahlike.

Kuthiwa lo DJ oneminyaka engu-20 ubudala wagcina ebonakala lapha.

Umndeni kaThemba ucela onolwazi ngokuthi kwenzakaleni kuye axhumane namaphoyisa aseDaveyton.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.