UPastor Mboro noBhaka esitikini

2017-08-24 18:03

Durban -  Sekuqubuke impi yamazwi phakathi kwabefundisi abahlale besezindabeni ngenxa yemigilingwane abayenzayo, uPastor Paseka "Mboro" Motsoeneng webandla i-Incredible Happenings Ministries noMfu Zamokwakhe "Bhaka"" Nzama weKuphileni Power of King Bhaka Church of God Ministries, oke waduma ngokuba yinyanga.

Le mpi isukela engxoxweni laba befundisi  ababenayo emsakazweni uKhozi FM ohlelweni lukaNonhlanhla "Mroza" Buthelezi noSbu Buthelezi olungena ng-12:00 kuya ku-15:00 ntambama.

Kulolu hlelo bekubizwe uPastor Mboro ukuba ayokwemukela uBhaka emuva kokuba kuvele ukuthi usenebandla futhi usezibiza ngenkosi nomfowabo wenkosi uJesu.

OLUNYE UDABA:Kutholane phezulu uBhaka noMzimba okhala imali

UPastor Mboro ukhwele wadilika kuBhaka emsakazweni esho nokuthi ngeke amemukele njengoba engamazi nokuthi ugcotshwe ngubani ukuba abe yinkosi.

"Hheyi, animazi yini uBhaka ukuthi ungusomahlaya? Kayikho le nto yokuthi uyinkosi, usenza la mahlaya ajwayele ukuwenza. Zolo lokhu ubengifonele ethi mangiyobona umsebenzi wakhe asewuqalile, usevule ibandla.

"Kungimangalisile ukuthi usesungule ibandla, uyeke nini ukudayisa izimbiza? Ngenxa yokuthi bengimatasa, ngigcine ngingayanga lapho, manje usethi uyinkosi, manini ibandla eliqale izolo nje," kusho uPastor Mboro emoyeni.

Le nkulumo kaPastor Mboro imenze wathukuthela wathelwa ngamanzi uBhaka njengoba ethe bekuvele kungalungile ukuba emukelwe nguPastor Mboro.

"Empeleni yimina okumele amukele wena ngoba yimina inkosi hhayi wena. Lalela la Mboro, ngizosuke ngikutshele izindaba zakho la emoyeni ngoba mina ngibona konke okwenza ekusitheleni. Kayikho into engingayikhuluma nawe wena, ngibazi bonke ubuze bakho," kusho uBhaka.

Ethintwa uPastor Mboro uthe namanje usasho ukuthi uBhaka ungusomahlaya futhi ngeke amyeke achachaze ngale ndlela enza ngayo ngoba udelela inkosi yakhe uma ezibiza ngenkosi.

"Lo mfanyana uyagagamela, uma efuna simhloniphe njengendodana (kaNkulunkulu) makavume abulawe afakwe umqhele wameva, ashaywe, akhandwe ngamatshe aze afe uma esefile kudabuke isihenqo sethempeli, akuzamazame umhlaba kuwe nezinkanyezi bese kuqhamuka izwi elivela emazulwini elizothi lo uyindodana. Ngosuku lwesithathu aphume ethuneni, lapho-ke siyomhlonipha simbize ngenkosi.

"Okwamanje ngisaphinda ngisasho, ungusomahlaya. Uma efuna ukuduma makasho ngimxhumanise nabafana abenza amahlaya bamkhulise kule ndima bese ehlekisa abantu njengoba enza nje. Emoyeni uqambe amanga wathi uNkulunkulu umtshelile ngokuya kwami ezulwini, mina kangikaze ngiye ezulwini. Zolo lokhu ubengifonela ethi ufuna ngimkhulekele ngoba efuna izinto zakhe zihambe kahle kule nto yakhe yobunyanga manje usethi useyinkosi. Imbudane le nto yakhe," kusho uPastor Mboro.

UBhaka uthi kuyamethusa ukuthi uPastor Mboro angathi uJesu waqala ukuba yindodana esevukile.

"Kuyacaca ukuthi kulele kunye la kuye, ukube kubili ngabe kuyavusana. Ezelwe uJesu wayeyindodana, ukuya kwakhe ethuneni avuke kwase kuwukugcwalisa imibhalo. Kucacile ukuthi unamanga, kwale nto athi uyiyona akayona ukhohlisa abantu.

"Kwale nto ayishoyo athi waya ezulwini, unamanga mina ngizotshela izwe uma elokhu engichukuluza ukuthi la mandla athi unawo uwathatha kubani hhayi kuNkulunkulu. Mina ngangingacela ukuthandazelwa nguyena engunamba bani?

"Yimina engingathandazela yena. NgoMgqibelo ngizobe ngikhuluma kuSgiya Ngengoma oKhozini FM, ake angichukuluze nakhona uyophuma enyobozela sengimtshela izindaba zakhe," kusho uBhaka.

 - ILANGA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.